Tuesday, May 15, 2012

Siyeza siyanyelela lesosikhathi

Siyeza siyanyelela lesosikhathi .
Lapho imibuso iyovukelana yodwa
Lapho kuyoba khona indlala enkulu nokuzama zama okukhulu emhlabeni
Ngithi siyeza siyanyelela lesosikhathi esabonwa uDaniyeli esendaweni engcwele ngcwele wathi uma nibona amanyala nencithakalo ofundayo makaqaphele.
Siyeza siyanyelele lesosokhathi lapho ungeke uze uthenge uthengise ngaphandle kuka 666 ebunzini lakho.
Ngithi Siyeza sayanyelela leso sikhathi lapho umphiki Christu eyobusa izwe lonke
Engani sebeqalili nge World Order bafuna umhlaba ubuswe uhulumni oyedwa
Engani i-Africa bafuna ibuswe uhulumeni oyedwa
Engani sebeqalile basugula ibhange lomhlaba bathi yi world bank
Ngithi siyeza lesosikhathi siyanyelela
Engani bathi izwe liyathuthuku kanti bafuna ukufaka imisebenzi yobumnyama
Siyeza siyenyelela leso sikhathi lapho okwenzayo uzobe uqashwe ebuxhaka xhakeni bamakhompyutha
Hawu engani nangu uNkosazana Dlmini Zuma useshitshe amapasi uthi awabe amacard anobuchwebeshe bama Micro chip
Hhayi bo ngithi kuyeza kuyanyelela
Engani naba bathi manje wonke umuntu akabe nenamba yakhe ukuze aziwe
Hhayi bo kuyeza kuyanyelela eSouth Africa
Ngisho nengane encane ithi izalwa ithole I-id number kukhulu kuyeza kuyanyelela
Nabafundi ezikoleni bathi abathole amastudent number ngithi kukhulu kuyanyelela
Nezindlu zethu bathi azibe nezinumber ama house number kukhulu kuyeza kuyanyelela
Noma khalekhukhwini bethu banezinamba amacell number hhayi bo kukhulu kuyeza kuyanelela
Engani i-UNITED NATIONS okwaphrophethwa ngayo isiqalile maye nezwe lakithi iSouth Africa liyinxenye yayo.
ENGANI YONKE IMPAHLA YASE SOUTH AFRICA INE bar code kanti yonke ibar code inalo 666
Engani umandela othandwa kangaka unaye lo 666, yize bemfihla bethi u 46664 kodwa ngithi kukhulu kuyeza kuyanyele maye nase South Africa sekufikile
Hawu kanti wena uvale amehlo yini engani ne Flag lakithi eSouth Africa linembala ewu six
Hawu awuboni yini kanti wena engani ne ANC bathi ine top 6
Hawu kanti awuboni yini wena engani noZuma useshade imishado ewu six.
Hawu kanti awuboni yini wena engani eculweni lesizwe bakhipha nenxenye ethi yehla moya ongcwele ngoba bebona ukuthi umoya kababa uzodala inkinga.
 
Engani abaprofethi bamanga okwa profethwa ngabo sebefikile maye nase South Africa yethu bakhona
Engani nezingane seziqalile ukushaya abazali bese kuthiwa zinamalungelo maye south Africa sekuqalile.
Engani amadoda esevunyelwe ukushadana odwa maye nase South Africa sekuqalile
Ngithi kukhulu kuyeza kuyanyelela
Maye okuyokwenzeka ngalolo suku
 
By Phumlani Mabhodl' umlilo Nkwanyana

For Audio copy send request to Epzikode@gmail.com